LINKWANKWAZE lajuluka lamanzi te iphoyisa lihlulwa ukuphendula imibuzo emayelana nobuxoki obuhambisana nobumpimpi lethula ubufakazi phambi kweKhomishini kaMadlanga ngoLwesibili.

USergeant Fannie Nkosi ongaphansi kophiko oluphenya ngobugebengu obuhleliwe eGauteng, usolwa ngokuba yingede kasomabhizinisi osobishini, uMnuz Vusumuzi Cat Matlala.

UNkosi uqale ukwethula ubufakazi phambi kwale khomishini kuleli sonto kanti emibuzweni nangokobufakazi obuhlolwa yile khomishini, uNkosi uyena galakajana oyincelebana kaMatlala nobemtshela futhi emsiza ukumthiphisa kuzona zonke izinto ebezimbeka engozini yokuphambana nomthethi.

Ngosuku okwatheleka ngalo uphiko lweSpecial Task Force emzini kaMatlala, kwavela ukuthi uNkosi uyena ixoki elalizama ukumxwayisa ngalokhu, ngebhadi wathi emtshela, lolu phiko lwase luvele luthelekile. Uvumile ukuthi ngesikhathi kugasela abalolu phiko wayesocingweni noMatlala. Ngokwezinsolo, uNkosi wayemfonele ngoba emxwayisa ukuthi amaphoyisa azogasela, kodwa ngebhadi washaya ucingo abalolu phiko sebevele sebegasela. Unkwankwaze kwaze kwacikeka uMadlanga obebonakala nasebusweni ukuthi impendulo kaNkosi iyamcasula.

Ubelokhu eme ngelokuthi uzobuye awuphendule umbuzo uma sekufanele aphendule ngoxhaxha lwezinsolo zokuxokiza nangokuthiphisa ababesuke bephenywa ngenkohlakalo.

“Ngabe kusemthethweni yini ukuthi utshele umuntu osuke ephenywa ukuthi uyaphenywa nokuthi uphenyelwani. Kuyinqubo yamaphoyisa yini ukuthi imininingwane emayelana nophenyo ithunyelwe kumuntu ongahlangene nokusebenza kwamaphoyisa?”.

“Ngifisa ukuphendula lo mbuzo ngendlela yokuthi neKhomishini yaneliseke…..ngicela ukubuye ngiwuphendule lo mbuzo. Ngicele sike siwubeke eceleni”.

UKhomishana Madlanga ucele ukuthi lo mbuzo ungabekwa eceleni kodwa uNkosi awuphendule ngoba impendulo yakhona ilula…kuvumelekile noma akuvumelekile.

Kuze kwangenelela ummeli kaNkosi, kodwa uMadlanga naye wamtshela ukuthi ufuna impendulo futhi uyifuna manje.

UNkosi wayeke wavela phambi kwale khomishini ebizwa ngoWitness F, kodwa iKhomishini kaMadlanga yabuye yakushintsha lokhu, yathi akazothula ubufakazi bakhe ebukwaz yizwe.

*IKhomishini iyaqhubeka