INKANTOLO enkulu yaseThekwini isiyalele usomabhizinisi waseThekwini uMnuz Calvin Mathibeli ukuthi axolise futhi ahoxise amagama alumelayo nathunazayo awasho ewabhekise kuKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

Uginqi gonqo phakathi kukaMkhwanazi noMathibeli uqale ngesikhathi amaphoyisa egasela kwamanye amabhilidi alo somabhizinisi ashaqa izibhamu eziwu-138. UMathibeli wasola uMkhwanazi ngokusetshenziswa yizitha zakhe kulo mkhakha wamabhizinisi, waze wathi kwayena ugcwele inkohlakalo.

Kwamcika lokhu uMkhwanazi wanikela enkantolo ephoqa uMathibeli ukuthi ahoxise lezi zinsolo azibhekisa kuyena. Inkantolo enkulu yaseThekwini yabe isiphoqa lo somabhizinisi ukuthi axolise. Esikhundleni sokwenza lokho, uMathibeli walidlulisa leli cala, ethi wuMkhwanazi okumele ahoxise izenzo zakhe azibhekise kuye.

Kodwa inkantolo iphinde yavuna uMkhwanazi, uMathibeli waphinda wayalelwa ukuthi axolise aphinde ahoxise amagama aziswana awabhekisa kuMkhwanazi. Unikwe amahora angu-24 ukuthi enze lokhu.