Umqeqeshi weZamalek SC uJosé Peseiro usencome ukukhuphuka kwezinga lebhola eNingizimu Afrika waveza nokuthi iBafana Bafana useyibala kwitop 5 emazweni ahamba phambili e-Afrika.

Lo mqeqeshi uphumele obala waveza ukuthi kubafakele uvalo abanye abadlali bakhe ukubona iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates benqoba ngaphambi komdlalo wabo neStellenbosch FC.

IZamalek ibanjwe yiStellenbosch FC ngo 0-0 eCape Town Stadium ngoLwesithathu okushiye uPeseiro engagculisekile ngendlela abadlale ngayo kodwa wavuma ukuthi leli qembu laseWestern Cape lidlala ingcwenga yebhola futhi kulifanele ukufinyelela esigabeni samaquarterfinal kwiCAF Confederations Cup.

“Angiphathekile kabi ngoba umdlalo uphele ngo 0-0, akuyona into embi. kodwa angeneme ngoba bekufanele senze kangcono,” kusho uPeseiro ngemuva komdlalo.

“Singadlala kangcono, sakhe amathuba amaningi kunesiwakhile, sivikele nebhola kangcono. Ngiyayamukela idraw kodwa sithole amathuba angcono kunabo. Singayishaya iStellenbosch ekhaya.”

Lo mqeqeshi ubesencoma ibhola laseNingizimu Afrika.

“Ngesikhathi sifika ngikhuluma nabadlali sikuqaphelile ukuthi i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bawinile [kwimidlalo yeCAF Champions League] – benginovalo lokuthi mhlawumbe abadlali bethu bazosaba bezitshele ukuthi bazothola isibhaxu nabo.

“Lokhu kukhombisa izinga lebhola laseNingizimu Afrika njengamanje. Banezinkundla ezinhle, bahlelekile futhi abadlali baholelwa kahle. Kunabadlali abahle nabaqeqeshi abahle.

“Ngicabanga ukuthi iBafana Bafana isiyiqembu elihle manje. Ngingayibala kumaqembu amahlanu aphambili e-Africa njengamanje. Ngiyakwazi lokhu ngoba ngibhekane nabo ngoFebruary ngonyaka odlule [kwi-2023 AFCON e-Ivory Coast]”

Khonamanjalo, iSouth Africa ikhuphukele kunombolo 56 kumaFIFA Rankings akamuva. E-Afrika isawunombolo 10.