Umqondisi wezokumaketha kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung uthi bebengalindele ukuthi izinto zijike ngokuphazima kweso ngaphansi kobuholi bukaNasreddine Nabi, ngakho basaqhubeka nokumeseka noma kungahambi kahle.

Isiqalile ukuzungeza imibuzo ngoNabi njengoba bekubhekwe okuthi iqembu liqede kunombolo 3 okungenani kule sizini ngemuva kwabadlali abathingiwe ngokunjalo nokuvunyelwa ukuthi eze nethimba lakhe labaqeqeshi.

IChiefs njengamanje idindilize kunombolo 8, isele ngamaphuzu awu-6 kunombolo 3 iStellenbsoch FC ebukeka izimisele ngokubuyela e-Africa ngesizini ezayo.

UNabi usanethuba lokunqoba iNedbank Cup nokho nakho okungabeka iqembu kwiCAF Confedarations Cup, uma begcina behlulekile ukuqeda kunombolo 3.

“Umqeqeshi weqembu nethimba lakhe siyabeseka,” kusho uMotaung.

“Besazi kuzothatha isikhathi. Asingenanga ebudlelwaneni nabo silindele imiphumela ngokushesha. Kodwa ke kukhona esikufundayo. Siyahlaziya. Ababheke okuthinta ibhola bayakhuluma nabaqeqeshi ngezinto ezidinga ukulungiswa.”

Okwamanje uNabi usamile ekutheni naye uzele ukuzohlala kwiChiefs, njengoba ehlala ecacisa ukuthi akahehwanga yimali ngesikhathi ethatha lo msebenzi.

Lo mqeqeshi uthi wayenezesheli eNorth Africa ngesikhathi ethatha umsebenzi wokuqeqesha iChiefs.