Umlawuli weSARS ophethe iRoyal AM uthi ukudayiswa kwaleli qembu akuphumelelanga ngoba umuntu obesenikezwe igunya lokuyithenga uhlulekile ukukhokha.

Ngokwesitatimende esikhishwe izolo umlawuli weSARS uthi inkampani enikezwe igunya lokuthenga iqembu kube yiGlobal Investments, okuyinkampani ephethwe wusomabhizinisi waseThekwini uRoy Moodley owaziwa ngeRoyal Security.

Ngokwesitatimende seSARS iGlobal Investments ihlulekile ukukhokha imali obekuvunyelwene ngayo ezinsukwini ezintathu ebezibekiwe ukuthi ikhokhe ngemuva kokuwina igunya lokuthenga iqembu. Kuzokhumbuleka ukuthi iRoyal AM ibidayiswa ngendali yokuqhudelana.

Ngokwemibiko ibid yeGlobal Investments ifinyelele kuR20 million kodwa yahluleka sekufanele ikhokhe. Ngokwesitatimende seSARS le nkampani yazisiwe NGO 10:30 izolo ekuseni ukuthi sekuphelile ngesivumelwano. ISARS ithe izoyifaka enkantolo ukuze ihlawuliswe ngokuyimoshela isikhathi.

Isitatimende siqhuba siveze ukuthi isigungu esiphezulu sePSL besizohlangana ngo 11:00 ekseni sidingide indaba yokudayiswa kweRoyal AM kubonakale ukuthi kuyaphasiswa yini noma cha.

Izolo ntambama kuvele imibiko yokuthi yisigungu esiphezulu sePSL esichithe iGlobal Investments. Okwamanje iPSL ayikasho lutho kulolu daba kanti namanje akwaziwa kuzokwenzekani ngemidlalo yeRoyal AM.

Okunye okudidayo ngaloliu daba wukuthi kungani abadlali beyalelwe ukuthi babuyele kwitraining njengoba kusabalale izithombe zabo izolo beziqeqesha ekubeni bese kwaziwa ukuthi inkampani ebifisa ukuthenga iqembu uhlulekile ukukhokha imali ayathembisa ukuyikhokha.