IFootball Association yaseLesotho ithi isilufake kwiCAF nakwiFIFA udaba lokudlala kukaTeboho Mokoena enamakhadi amabili aphuzi emdlalweni wabo neBafana Bafana ngoLwesihlanu.

ILesotho yathola isibhaxu sika 2-0 kulo mdlalo kodwa sekuvele ukuthi iBafana ingase iphucwe amaphuzu ngenxa yokudlalisa uTebza obenamakhadi amabili aphuzi ngaphambi komdlalo.

I-LFA iqinisekise lolu daba ngoLwesibili ntamabama kodwa akukacaci ukuthi isikhalo sifakwe ngasiphi isikhathi njengoba bekufanele kushaye u-8 ngoMgqibelo sesifakiwe ngokwemithetho yeFIFA.

“Sazisiwe ngamakhadi kaMokoena, sisifake isikhalo kwiCAF nakwiFIFA,” kusho unobhala jikelele weLFA, uMokhosi Mohapi, ngokombiko weSowetan.

“Besesizwile nokuthi neNigeria ifuna ukufaka isikhalo ngoba umphumela womdlalo uthinta wonke umuntu, Awucabange nje ukube yithi esifake umdlali kungafanele, sathola amaphuzu, neBafana [SAFA] ngabe yenza okufanayo.

“Ngeshwa, umthetho umile, iSAFA bekumele ngabe ibiyazi ngamakhadi. Asizondi muntu, kodwa siyafuna lawa maphuzu.”

Uma iBafana itholwa inecala, iLesotho izonikezwa amaphuzu amathathu ahambisana ne-win ka 3-0, okuzophazamisa izinhlelo zeqembu zokuzibekisela indawo kwiWorld Cup yango-2026.

Okwamanje iSAFA ayikaphenduli kulolu daba.