Kubikwa ukuthi iSuperSport United isigcine iqoke ukumxosha umqeqeshi uGavin Hunt njengoba iqembu lidonsa ngodizili kwiBetway Premiership.

UHunt usezame kaningi ukujika izinto kwiSuperSport kule sizini kodwa akuhambi kahle njengoba iqembu lihleli kunombolo 15 efaleni leligi. Emdlalweni ewu-21 inqobe emihlanu, wadlala ngokulingana kwengu-6, bathola induku kwengu-10.

Noma kubheda, Amatsatsantsa abesanomdlalo esandleni. Uma iwunqoba lowo mdlalo ingakhuphuka ifinyelele kunombolo 12. Nokho ngokombiko weSunday World, sekunesikhathi uHunt engaphansi kwengcindezi kuleli qembu abaphathi befuna ukubona iqembu liwina.

Okwenze umsebenzi wake ube nzinyana ukutholelwa abadlali abasha ngoJanuary njengoba bekulindeleke ukuthi basize iqembu liqoqe amaphuzu, kodwa namanje kusabheda.

Kulindeleke ukuthi iSuperSport iqinisekise ukukhululwa kwakhe kulo msebenzi maduze.

Kubikwa ukuthi isikhundla sokuqeqesha sizonikezwa u-Andre Arendse ozobamba izintambo kuze kuphele isizini.