Umqeqeshi weBenin uGernot Rohr ukholwa ukuthi kunabadlali beBafana Bafana abangadlala e-Europe ngenxa yezinga abalikhombisa kwiMamelodi Sundowns nakwi-Orlando Pirates.

URohr, ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo ngamava anawo e-Africa, ubeke kanje encoma umsebenzi owenziwa wuHugo Broos kwiBafana ngaphambi komdlalo wabo izolo.

“UHugo Broos uwumngani, sijwayele ukuhlangana ngemuva kwemidlalo, nasemiqhudelwaneni,” kusho uRohr engxoxweni ne-iDiski Times.

“Sinobudlelwano obuhle. Ngesikhathi eseCameroon ngimkhumbula kahle. Ngamshaya ngesikhathi ngifaka iSuper Eagles kwiWorld Cup. Singabangani. Ngiyabona umsebenzi omuhle awenzayo, nendlela abadlale ngayo kwi-AFCON.

“Abanye abadlali beBafana banekhono elanelewho ukudlala e-Europe ngoba izinga leligi yabo liphezulu. Ngabona iMamelodi Sundowns ishaya ngeSonto elidlule, iPirates ineqembu elihle. Banabadlali abasezingeni elanele ukudlala e-Europe, kodwa abekho baningi.

Njengamanje babili abadlali abasesikwatini sikaBroos abadlala e-Europe, uSiyabonga Ngezana odlala eRomania noLyle Foster odlala e-England.