Ngesizini edlule iLiverpool yamemezela ukushiya kukaJurgen Klopp isembangweni wesicoco seligi. Abaningi bakholwa wukuthi lesi simemezelo saphazamisa umgqigqo weqembu kunokulifakela umfutho wokuthi liphushe okokugcina ukuze ahambe ngenothi eliphezulu uKlopp.
Ngesikhathi yenza isimemezelo iLiverpool, iqembu lalisesicongweni kwiPremier League, lisadlala kwiFA Cup, Carabao Cup nakwi-Europa League. ILiverpool yagcina inqobe iCarabao Cup kuphela. Kwiligi yagcina iqede kunombolo 3.
Ngabe i-Orlando Pirates yenze iphutha elifanayo imemezela ukuthi uyahamba ekupheleni kwesizini uJose Riveiro?
Izolo iPirates ishicilele isitatimende imemezela ukuthi uRiveiro uqoke ukungayeluli inkontileka yakhe okushiye abalandeli abaningi bekhala kwazise lo mqeqeshi ubuyise injabulo kweZimnyama selokhu efikile njengoba enqobe iMTN8 kathathu kulandelana neNedbank Cup kabili. Ubuyisele iPirates kwiCAF Champions League futhi ibukeka iza kabi kule sizini njengoba ibalwa nezimfivilithi ezingayinqoba.
Ephawula ngokushiya kwakhe uRiveiro ubeke kanje:
“Ngokwami bengingathanda ukuthi lesi simemezelo senziwe uma kuphela isizini kodwa bekungeke kwenzeke. Iqembu kufanele liqale manje ukuhlelela isizini ezayo, kumele ngibanikeze isikhathi sokukwenza lokho.”
IPirates izobhekana nePolokwane City ePeter Mokaba Stadium endala kusasa ngo-3 ntambama.