Inkakha yeChelsea uWilliam Gallas ithi ngokwayo asikho isidingo sokugcina uJadon Sancho uma kuphela isizini ngoba akalenzeli lutho iqembu kwiPremier League.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSancho ubolekwe kwiManchester United, iChelsea yashutheka nesivumelwano sokuthi izomsayinisa ngokuphelele uma kuphela isizini.
Emasontweni ambalwa edlule sekuqale ukuvela imibiko ethi iChelsea isicabanga ukushaya ungqimphothwe imlaxaze lo mdlali ngoba akukho okutheni akwenzayo. Kule sizini emdlalweni ewu-23 unama-assist amane namagoli amabili.
UGallas ucikwe yindlela uSancho adlala ngayo emdlalweni wabo odlule ne-Arsenal.
“USancho unekhono, wonke umuntu uyakwazi lokho, kodwa angazi kungani ehluleka ukudlala ezingeni elifanele,” kusho uGallas owadlalela i-Arsenal esuka kwiChelsea.
“KwiDortmund ubemangalisa. Akumhambelanga kahle kwiManchester United. Ngesikhathi efika kwiChelsea siqale sabona uSancho esambona kwiDortmund kodwa usenyamalele.
“Ngeke akwazi ukuhlala kwiChelsea uma eqhubeka kanje, kumele akhuphule amasokisi. KwiPremier League kufanele uzinikele kuwo wonke umdlalo owodlalayo, uveli nje kwimidlalo embalwa bese uyanyamalala.”
ICheslea isangakwazi ukwephula isivumelwano sayo sokusamsayinisa ngokuphelele uSancho kodwa kubikwa ukuthi izohlawuliswa.
IMan United ngakolunye uhlangothi ayizimisele ngokubuya kwalo mdlali, uma kwenzeka kulindeleke ukuthi afakwe endalini.