U-Ouaddou uthi akuphelile ngesicoco seligi noma belahle amaphuzu eMhlathuze
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi uyazi kunabantu abazitshela ukuthi sekuphelile ngabo embangweni wesicoco seligi ngemuva kokubanjwa yiRichards Bay FC nge-draw ka 2-2, kodwa uthi akunjalo.