Omunye wabaqeqeshi beRichards Bay FC, uPapi Zothwane, uthi ngeke kube lula kwi-Orlando Pirates ukubhekana nabo eMhlathuze Sports Complex, ngakho ingafiki izitshela ukuthi izodla amaphuzu amathathu.
IBucs isefomini enzima kulezi nsuku njengoba idedela isibhaxu esihambisana namagoli. Edlalweni emibili edlule ivalele amagoli awu-11, okuyinto engajwayelekile neze kwiPSL. Iqale yaxebula iTS Galaxy ngo 6-0, yase yadlulela phambili iklinya iLamontville Golden Arrows ngo 5-0 ngoLwesibili.
NgoLwesihlanu izobhekana neNatal Rich Boys.
“Kuzoba wumdlalo onzima ngoba sibhekene neqembu elilwela isicoco seligi,” kusho uZothwane ecashunwa yi-website yeBay.
“Kodwa ke ngakolwethu uhlangothi asishayeki kalula uma sidlala ekhaya.
“Akufanele beze la bezitshela ukuthi bazowina kalula. Kuzoba wumdlalo onzima, futhi sizobe siwulungelel.
“They should not come here thinking they will win easily. It is going to be a tough game, and we will be ready.”
IBucs yayishaya ngo 2-0 iBay eSigodini kule sizini. Abalandeli bayo bazobe bewafuna la amaphuzu amathathu njengoba isele ngamaphuzu amabili kwiSundowns ebhekene nomdlalo weCAFCL kule mpelasonto.