UMashamaite uthi abahambe abaqeqeshi ababambile kwiChiefs
Owayengumdlali weKaizer Chiefs uTefu Mashamaite usephakamise ukuthi kufanele badedelwe abaqeqeshi ababambile kuMakhosi ekupheleni kwesizini ngoba abanqobanga lutho kule sizini.
Owayengumdlali weKaizer Chiefs uTefu Mashamaite usephakamise ukuthi kufanele badedelwe abaqeqeshi ababambile kuMakhosi ekupheleni kwesizini ngoba abanqobanga lutho kule sizini.
Ukujika kwezinto kwiKaizer Chiefs njengoba isinqobe imidlalo emihlanu kulandelana sekubuyise imibuzo ngesinqumo okufanelwe sithathwe abaphathi beqembu ngabaqeqeshi abambile uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uKhalil Ben Youssef usencome ubuhlakani bomgadli wabo uFlavio da Silva ‘obehlisele umthwalo’ ngokuvalela igoli lokuqala beshaya iMagesi FC ngo 4-1 koweBetway Premiership izolo.
Umdlali wasesiswini kwi-Orlando Pirates uThalente Mbatha uthi noma belahle amaphuzu emdlalweni odlule, abalilahlile ithemba embangweni wesicoco seBetway Premiership.
Umqeqeshi we-Esperance de Tunis uPatrice Beaumelle uncome abadlali bakhe ‘ngokudlala kahle’ bebhekene neMamelodi Sundowns ephethe abadlali ‘abayisithupha noma abayisikhombisa’ abaya kwi-2026 FIFA World Cup neBafana Bafana.
Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola usencome abadlali bakhe ngokukhombisa ukuqina ukhakhayi ezinyangeni ezimqoka embangweni wesicoco seligi njengoba sebehlela ukugudluza i-Arsenal esicongweni ngemuva kokuxebula iChelsea ngo 3-0.
Omunye wabaqeqeshi ababambile kwiKaizer Chiefs uCedric Kaze usexwayise abadlali ukuthi ukunqoaba imidlalo emine kulandelana akusho ukuthi sekufanele ‘baphole’, kunalokho ufuna ukubabona beqhubeka nomgqigqo abakuwo.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usencome abadlali bakhe ngendlela abadlale ngayo beshaya i-ES Tunis ngo 1-0 emlenzeni wokuqala wesemifinal yeCAF Champions League.
Umqeqeshi weRichards Bay FC uPapi Zothwane uthi i-Orlando Pirates akufanele ibeke amathemba ayo kuyo ngoba nakhu isazobhekana neMamelodi Sundowns eMhlathuze Sports Complex.
Umqeqeshi weRichards Bay FC uPapi Zothwane uthi noma ephoxekile ngokungawunqobi umdlalo wabo ne-Orlando Pirates izolo uyaziqhenya ngendlela abadlale ngayo bebhekene neqembu elisembangweni wesicoco seligi.