Owayengumdlali weSekhukhune United ne-Orlando Pirates u-Edwin Gyimah usephumele obala ngosizi abhekene nalo njengoba ‘engasanalutho’.
UGyimah (35) wafika kuleli ezodlalela iSuperSport United ngesikhathi isaphekwa wuGavin Hunt ngo-2011, esikwa kwiWe All Stars yaseGhana esibizwa ngeLegon Cities FC.
Engxoxweni ne-Oyerepa FM uGyimah uveze ukuthi akasebenzi futhi akasenawo nomuzi. Uthi abantu bakubo bamdlele umuzi wakhe onamagumbi awu-8 okulala ngesikhathi evakashele eNingizimu Afrika ezofuna usizo ukuze athole elinye iqembu azolidlalela.
“Ngesikhathi ngisebenza ngadela konke ngenxa yomndeni wami, ikakhulukazi ngenxa kamama nezingane zakithi,” kuchaza yena.
“Konke kwashintsha ngemuva kokungaboni ngasolinye phakathi kwami nowayeyi-agent yami owayesekhuluma kabi ngami emphakathini. Impilo yami yashintsha. Ngajikelwa abaphathi bami, abangani, abadlali engangidlala nabo, ngosho nomndeni wami.
“Izinto zingijikele ebholeni. Ngathola izinkontileka eziwu-21 onyakeni owodwa, kodwa alikho nelilodwa iqembu elagcina lingithathile.
“Ngibe sengicela usizo lwemali emndeni, nangokomoya, kodwa bangiziba. Ngizizwa ngiwumuntu olahliwe.
“Ngesikhathi ngiseNingizimu Afrika udadewethu wacela ngimdayisele umuzi ngoR37,000, kodwa kwagcina kukhuphukele kuR75,000.
“Uma ngibuyela eGhana ngafika sekuhlala abanye abantu kumuzi wami. Namhlanje umfazi wami nezingane zami abanayo indawo yokuhlala. Sihamba sicupha nje la esingacupha khona.
“Lento ingifakela amahloni kakhulu futhi ingiphula inhliziyo. Ngihlaselwa wumndeni wami ngokomoya. Ngike ngaba nezingozi engingaziqondi, futhi bengibuye ngilokhe ngilimala nje. Angisazi ngenzeni.”
UGyimah ujikelwe yizinto ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zokuthi ajoyine iMagesi FC ngo-2025, okuholele ekutheni baxabane nowayeyi-agent yakhe uRatshibvumo Mulovhedzi.