Iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi lithi bayolanda amaphuzu amathathu eMhlathuze Sports Complex namhlanje noma bedlala enkundleni abangayazi.
IBucs izotholana phezulu neRichards Bay FC namhlanje ngo 19:30 kumdlalo weligi. Ezimnyama zibhekene ukuqoqa amaphuzu aphelele ukuze zibuyele esicongweni iMamelodi Sundowns isamatasa nomdlalo weCAF Champions League.
IBay ekuqaleni kwesizini yayithembise ukuthi yonke imidlalo yasekhaya ifuna ukuyidlalela eMhlathuze, okuyinto eyaphazamiseka ngasekuqaleni kwesizini kodwa manje sekunjalo. Leli qembu lishaye iKaizer Chiefs neStellenbosch FC eMhlathuze emdlalweni emibili edlule yasekhaya.
UNcikazi uthi noma kuyinkundla abangayazi, bazoya benokuzethemba ukuthi bazobuya namaphuzu aphelele.
“Yindawo esingayijwayele, angicabangi ukuthi sake sadlala khona phambilini,” kushi uNcikazi ekhuluma ne-Orlando Pirates TV.
“Kodwa akubalulekile lokho, uma kunenkundla nje, sizimisele ukudlala senze konke okusemandleni ukunqoba.
“Sesikwenze konke silungiselela umdlalo – sizoya eMhlathuze, sithathe amaphuzu amathathu. Akukho okunye!”