Umqeqeashi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi ukhale ngamaphutha abawenze esiwombeni sokuqala i-Orlando Pirates ibaxina ngesibhaxuku sika 5-0 e-Orlando Amstel Arena ngoLwesibili ebusuku.
Bekungokwesi-10 i-Arrows ishaywa kule sizini emdlalweni ewu-22. Noma ithole isibhaxu esinzima, isakunombolo 8 kwilog yeBetway Premiership.
IBucs iye ekhefini isihamba phambili ngamanqaku amathathu kulo mdlalo, onke angene emizuzwini ewu-15.
“Senze amaphutha ebesingawagwema, sajeziswa,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo.
“Okuyishwa nje wukuthi amagoli okuqala amathathu yizinto ebesizilungiselele ngaphambi komdlalo.
“Besazi bazosidalela izinkinga ngabadlali abafana noRele no-Appollis ezikhaleni…kuyishwa nje ukuthi sihlulekile ukwenza umsebenzi wethu namhlanje.”