Londiwe Mthethwa 

Amaphoyisa asebophe abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-16 kuya ku-24 ubudala ngecala lokubulawa kwamantombazane amabili okutholwe izidumbu zawo zishisiwe KwaNobuhle e-Eastern Cape ngoLwesithathu.

U-Ibanathi Peter beno Sinothando Malinga iminyaka yabo ehlawumbiselwa ku 17 no 19, kuthiwa kwatholakala izidumbu zabo zishisiwe esigangeni ndawo thizeni khona KwaNobuhle.

Akukacaci kahle ukuba lesi sehlo senzeka nini kanjani.

Ezinsukwini ezedlule amaphoyisa afaka isicelo sokuba abazali abalahlekelwe izingane zamantombazane ezimbili bathintane namaphoyisa emuva kokuba kutholakale izidumbu ezimbili ezishisiwe zamantombazane.

Ngokwesitatimende seSAPS, obambe indawo kaKhomishana wamaphoyisa e-Eastern Cape uMajor General Thandiswa Kupiso ushayele amaphoyisa ihlombe ngokubopha abasolwa ngokushesha.

“Ukubanjwa ngokushesha kwabasolwa kungumphumela wokusebenza ngokuzikhandla kanye nokubambisana nomphakathi, Siyawuqinisekisa umphakathi ukuba leli cala silinake ngokukhulu ukuzimisela,” kusho u Kupiso.

Uphenyo ngababulali lusaqhubeka, kanti amaphoyisa anxenxa noma ubani ongaba ngolwazi oluphathelene naleli cala ukuthi awathinte.