Ntombifuthi Buthelezi
Ugixabezwe ngodilikajele ababili owesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nantathu olahlwe yicala lokudlwengula nokuzama ukubulala eMothibistad, eNorthern Cape.
Inkantolo yemantshi eMothibistad ngoLwesine ithole uThabiso Gift Magwatane enamacala ayisikhombisa okubalwa kuwo awokudlwengula, ukuthumba, ukugqekeza, kanye nelokuzama ukubulala. Inkantolo imjezise ngodilikajele ababili kanye neminyaka engamashumi amane nanhlanu ebhadla ejele.
Inkantolo iveze ukuthi uMagwatane wadlwengula izingane ezazenza umatikuletsheni ngo-2022 eDithakong, okuyindawo eseduzane naseMothibistad. Kubikwa ukuthi ngelanga lesigameko uMagwatane nabanye abathathu bahlasela emqashweni owawuhlala abafundi ababili ababefunda umatric. Oyedwa wabafundi wayeneminyaka eyishumi nesikhombisa, omunye eneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye ubudala.
Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi abafundi bathunjwa ngemuva kokuphucwa amaselula abo nemali ebalelwa kuR100. Bayiswa endaweni thizeni bevalwe amehlo, badlwengulwa kushintshwana ngabo.
Ngemuva kokudlwengulwa, oyedwa wabasolwa wabagzwa bobabili abagilwa, kodwa basinda. Bahlala imizizu ewu-30 belinde ukuthi abasolwa banyamalale ngaphambi kokuthi bacele usizo komakhelwane.
Bangena komunye umuzi okuyilapho abathola khona usizo, banikwa nezingubo zokumbatha. Amalunga omndeni akulomuzi afonela imindeni yezisulu kanye nabosizo oluphuthumayo. Kubikwa ukuthi bahlaliswa amaviki amathathu egumbini labagula kakhule esibhedlela (ICU) belashwa amanxeba okugwazwa.
UMagwatane uchithe iminyaka emibili ebalekela amaphoyisa, uze waboshwa ekuqaleni konyaka odlule eRusternburg.
Umsolwa wesibili u-Obekeng Mosesane oneminyaka engamashumi amabili nanhlanu, usagcinwe esitokini. Icala lakhe lizothethwa ngomhla zi 2 ku Ntulikazi 2025.
Ngesikhathi egwetshwa uMagwatane inkantolo imchaze njengomuntu oyingozi ongakulungele ukuba semphakathini.