Obengunobhala-jikelele kuMkhonto weSizwe Party uFloyd Shivambu uthi noma ezungezwe yizimpisi umholi weqembu uMnuz Jacob Zuma ngeke esule kuleli qembu ngoba usefunde okuningi kuMsholozi.
UShivambu abaningi bebekholwa wukuthi uzomemezela ukuthi uyesula kwiMKP namhlanje nokuthi uzosungula iqembu elisha, kodwa uthe cho uze nenye. Lo mholi uvele waqala ngokucacisa ukuthi ukhishwe kanjani esikhundleni sikanobhala-jikelele, esola amalungu eMK Party ngokwethula umbiko ongekho kuZuma ukuze asuswe esikhundleni. Uthi kulo mbiko kugcwele amampunge angakholakali.
Echaza kabanzi uthi empeleni into edale ukuthi agudluzwe kulesi sikhundla wukuthi ubekhuza umkhuba wokudliwa kwezimali, okwenziwa ‘yizimpisi ezizungeze uZuma’.
“Kwathiwa ngisezinhlelweni zokuketula uMengameli Jacob Zuma. Kwathiwa futhi kunabantu abathile engifuna ukuba gudluza. Abantu abebesho lezo zinto yilabo abakwiMKP abazele ukuzokweba imali yeqembu,” kuchaza uFloyd.
Uthe laba bantu bakhipha izigidi zamaRandi kwi-account yeqembu izinyanga zonke, okuwumkhuba abewukhuza.
Eqhuba uthe akasuli kwiMK ngoba usefunde okuningi ezinyangeni eziyisithupha ezedlule kuZuma, kunakufunde eminyakeni ewu-10 eyiphini likamengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema.
Uqhube wabiza i-EFF nge-cult, okuyibandla elizwa ngomholi oyedwa.
Noma engasuli kwiMKP uShivambu uthe usazohambela abaholi abahluka-hlukene emphakathini ezwe amazwi ngobhoko ngokuthi ngabe sikhona yini isidingo sokuthi asungule iqembu elisha lezepolitiki.