Londiwe Mthethwa
Ufuna ubulungiswa umndeni womfundi waseMaphephetheni eNanda, u-Athabile Khanyi (17) ozibulele ngemuva kokuthunjwa nokudlwengulwa ‘abantu abaziwayo’.
Umufi kuthiwa wahamba ekhaya ngoJune 6 (ngoLwesihlanu) waze wabuya ngoJune 9 ngoMsombuluko.
Efika ekhaya kuthiwa washo kumalumekazi wakhe ukuba ubevalelwe abafana abashayela amatekisi abaziwayo, kodwa bamushaya indiva abangamukholwa kubo nokuyilapho owathatha isinqumo sokuzibulala.
Ngaphambili kokuba adle amaphilisi wabhala incwadi echaza ngokwenzekile nokuthi obani abamhlukumezile.
Kuthiwa washo nokuthi bebemdlwengula beshintshana ngaye wadalula nokuthi basebenza ematekisini futhi bayaziwa.
Ongudadewabo ka-Athabile, uNksz Fikile Mthembu, uthe emuva kokuba edle amaphilisi, bamthola waphuthunyiswa emtholampilo oseduzane ngoLwesibili. NgoLwesithathu wadluliselwa esibhedlela iMahatma Gandhi walaliswa ubusuku obubodwa nokuyilapho okwatholakala khona ukuthi unezidakamizwa emzimbeni futhi impela unukubeziwe ngokocansi.
Ngokubona isimo sakhe odokotela bamdlulisela esibhedlela iDkt Pixley Ka-Iseme eBrigde City ngoLwesine ekuseni, nokuyilapho ashonela khona ebusuku.
Ekhuluma neZindaba247 uFikile uveze okukhulu ukuhlukumezeka ngokwehlele udadewabo.
“Thina singumndeni sihlukumezeke kakhulu, izinhliziyo zethu zibuhlungu. Sicela kwenzeke ubulungiswa abenzi bobubi bajeze ngendlela efanele. Sithola izingcingo ezisisabisayo zithi singakhulumi intesinganayo ubufakazi ngayo kubuhlungu kakhulu,” kuchaza yena,
Okhulumela i-Ethekwini District Women Sector Civil Society Forum uNksz Nokuthula Cele udlulise ukuzwelana nomndeni futhi efuna ubulungiswa benzeke.
“Siyi Ethekwini Women Sector sime ngokubambisana nomndeni ka-Athabile futhi sifuna ubulungiswa ngobuhlungu obungaka abuzwile. Ayikho intombazane noma umuntu ofanelwe isehlo esikanje,” kusho uNokuthula
NgoLwesine ngeledlule le nhlangano kanye nomphakathi waseMaphephetheni babambe ukhukhulelangoqo wemashi mayelana naloludaba, inhloso yemashi bekungukugqugquzela ukufuna ubulungiswa nokulwa nokunukubezwa ngokocansi nokuthunjwa kwabantu besifazane endaweni.
NgoMgqibelo kube nenkonzo yesikhumbuzo eFaya Sport Ground khona eMaphephetheni, eNanda.