Ntombifuthi Buthelezi
Ugwetshe udilikajele owesilisa (35) enkantolo yesiFunda eZakheni ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisithupha ngesihluku phambi kukanina.
Kubikwa ukuthi ngosuku lwesigameko (17 kuNhlangulana) u-Ayanda Sinothi Zwane waba nengxabano nonina wengane okwaholela ekuthenini aze amxoshe endlini abebekuyo. Kuthiwa wabe esethatha indodana yakhe eyayilele waphuma nayo ngaphandle okuyilapho afike ayishaya ngekhanda etsheni, yashonela khona lapho.
Ngokusho kokhulumela iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natali uNatasha Ramkisson-Kara ingane yashona ngenxa yokushayeka kabi ekhanda okwayilimaza ubuchopho.
Enkantolo umshushisi u-Amelia Lieketseng Mphomane uveze ubufakazi bukanina wengane okunguyena owabona ukusuka nokuhlala kwesenzo sika Zwane endodaneni yabo. Ube esecela ukuthi inkantolo ingaguquki esigwebeni esinike uZwane ngoba icala lakhe limenza angakulungeli ukuba semphakathini.
Ube esechaza ukuthi isenzo sika Zwane siwahlukumeze onke amalunga omndeni kanti futhi umndeni usenemibuzo yokuthi uyenziswe yini lento ayenzile yokuthi abulale indodana yakhe.
Ekwengezweni kwesigwebo sika Zwane kuthiwa akakulungele ukuba nesibhamu.