URiveiro ushalazela imibuzo ngenkontileka ephelelwa yisikhathi
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi sizogcina sifikile isikhathi sokudingida udaba lokwelulwa kwenkontileka yakhe ezophela uma kusongwa isizini ka-2024/25.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi sizogcina sifikile isikhathi sokudingida udaba lokwelulwa kwenkontileka yakhe ezophela uma kusongwa isizini ka-2024/25.
UBroos ukhale kakhulu ngomdlalo womlenze wesibili owawubanjelwe eCongo, wathi uMvala, Ngezana noThalente Mbatha owayelimele bazokwenza omkhulu umehluko.
Umgadli we-Orlando Pirates u-Evidence Makgopa uzolwela ukungamphoxi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ombuyise esikwatini okokuqala kusukela ngoJanuary
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ukushuba kombango wejezi esikwatini kumphoqile ukuba athathe isinqumo esinzima sokushiya ngaphandle uBongokuhle Hlongwane
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi uzoyekela ukujezisa uJayden Adams uma esekhombisa ukufunda emaphutheni akhe.
Unozinti ogila izimanga kwiStellenbosch FC uSage Stephens uhleka yedwa ngokunikezwa ithuba esikwatini seBafana Bafana eseneminyaka engu-33.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ushiye isikhalazo ngesenzo sePremier Soccer League (PSL) sokubeka umdlalo wamanqamu weCarling Knockout ngomhlaka 23 kuNovemba, okuyimpelasonto ephelezela ukuphela kwekhefu leFIFA.
Usomaqhinga weMamelodi Sundowns uFlemming Berg uthi bavumelana ngokudayisa isitifiketi seM-Tigers ngoba ivimbezela indlela yabadlali asebekhulile ngokweminyaka. IM-Tigers, ebidlala esigabeni se-ABC Motsepe League eGauteng, ibiphakela iDowns
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usekhombe okumenze wavala isikhala sikaMihlali Mayambela ngoDevin Titus esikwatini.
Usomaqhinga weMamelodi Sundowns uFlemming Berg uthi akulele ezandleni zakhe ukuphasisa izinqumo eChloorkop