Usomaqhinga weMamelodi Sundowns uFlemming Berg uthi bavumelana ngokudayisa isitifiketi seM-Tigers ngoba ivimbezela indlela yabadlali asebekhulile ngokweminyaka. 

IM-Tigers, ebidlala esigabeni se-ABC Motsepe League eGauteng, ibiphakela iDowns ngabadlali eminyakeni eyedlule.

UThemba Zwane, Percy Tau, Keagan Dolly, Abel Mabaso noCassius Mailula bajikiswa kwiM-Tigers ngaphambi kokubhekelwa indawo eqenjini elikhulu.

ISundowns igcine isidayisele iTUT FC isitifiketi seM-Tigers. 

UFlemming uthi abadlali abahluleka ukuphendla isikhala eqenjini elikhulu beseneminyaka engaphansi kuka-21 abanayo indawo eChloorkop.

“Uma usahluleka ukukhuphukela eqenjini elikhulu usaneminyaka engaphansi kuka-21, lokho kuchaza ukuthi awusoze walibamba izinga elifunekayo. 

“Angiyizwa kahle eyeqembu lama-amesha elidlala esigabeni sesithathu ngabadlali abaneminyaka ebalelwa ku-26. Iqembu belimosha ngalento, zikhona ezinye izindlela zokwenza ezinobuhlakani,” kubeka uFlemming ekhuluma kwiBusiness of Football Conference.

IM-Tigers ikhiqize abanye abadlali okungabalwa kubo uPaseka Mako osedlala kwi-Orlando Pirates, uThabang Sibanyoni osegijima kwiRichards Bay noKwanda Mngonyama oyibamba kuMaZulu.

UFlemming uthi iDowns isizotomula abadlali eqenjini leDStv Diski Challenge (DDC). 

“Sizohlwayela eqenjini leDiski, siyinciphisile iminyaka siyehlisa ku-20, sayibeka ku-18. Nginethemba lokuthi bazoyiwina iligi, ningikhumbuze ngoJuni. Sihlome ngabadlali abanohlonze kodwa basebancane ngokweminyaka,” kusho uFlemming.

IDowns ifaka ingcindezi emjahweni weDStv Diski Challenge njengoba ihleli endaweni yesithathu. Isele ngephuzu elilodwa kwiStellenbosch neKaizer Chiefs abalinganayo ngamaphuzu esicongweni.