Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthemba izitobha eseziluleme uSiyabonga Ngezana noMothobi Mvala ngokuqinisa udonga alubona luxega ngenyanga edlule bebuya namaphuzu amane bebhekene neCongo Brazzaville kowokuhlungela i-AFCON 2025.

UBroos ukhale kakhulu ngomdlalo womlenze wesibili owawubanjelwe eCongo, wathi uMvala, Ngezana noThalente Mbatha owayelimele bazokwenza omkhulu umehluko.

IBafana ilungiselela imidlalo emibili yokuhlungela i-AFCON abazoyidlala ne-Uganda eKampala ngoLwesihlanu, kulandele oweSouth Sudan ozobanjelwa eDHL Stadium ngoLwesibili.

Amaphuzu amathathu kowodwa umdlalo azoqinisekisa indawo yeNingizimu Afrika eMorocco.

“Umdlalo wokuqala uyithuba lokwenza umsebenzi wokuzibekisela ngendawo kusakhanya. 

“Angeke kube lula, sizotholana neqembu eselidlulele kwi-AFCON futhi eliphezulu ngokuzethemba. I-Uganda ibuye nemiphumela emihle kweyokuhlunga. Kuzomele siyiqaphe ngoba izodlalela ekhaya. Angithukile ngoba sinomlando wokunqoba imidlalo enzima,” kubeka uBroos ekhuluma esithangamini nabezindaba eDobsonville Stadium, ngoMsombuluko.

“Anginavalo ngamathuba okungena kwi-AFCON ngoba sinabadlali abasezingeni. Asidlalanga kahle eCongo. Ngibuyelwa yithemba ngoba sekubuye uNgezana, Mvala noMbatha ababengekho eCongo. Ngibona sizowufeza umsebenzi osihlalele,” kusho uBroos 

UBroos wayebophele uGrant Kekana noRushwin Dortley esikimini esabhekana neCongo kweyokuhlunga. UKekana ushaywe ngesithende kodwa uDortley, oseyidlale yonke imidlalo emine yokuhlunga, uphinde wabuyiswa.