Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi sizogcina sifikile isikhathi sokudingida udaba lokwelulwa kwenkontileka yakhe ezophela uma kusongwa isizini ka-2024/25.
URiveiro akaconsi phansi kubalandeli bePirates aseyinqobele izinkomishi ezinhlanu kumasizini amathathu asewahlale eMayfair.
Lomqeqeshi, odabuka eSpain, usehlanganise imidlalo engu-100 esebhentshini leBucs. Izinto zimhambela kahle kulesizini uRiveiro njengoba iqembu lakhe seliphakamise isicoco seMTN8.
IBucs iqhwakele esicongweni seBetway Premiership ngemuva kokuyunqoba yonke imidlalo eyisikhombisa yeligi.
Lomqeqeshi ucashe ngesithupha ebuzwa ngekusasa lakhe, wathi kuzoqalwa izingxoxo zenkontileka ngokuhamba kwesikhathi.
“Muhle lombuzo futhi nempendulo yawo ilindelwe abantu abaningi. Ngizokunikeza impendulo eqondile, ngiyazi kuzophoxeka nabalaleli. Iqembu lisesigabeni esibalulekile njengamanje, iligi isenyangeni yesihlanu, kusekude phambili.
“Kuyiqiniso ukuthi inkontileka yami izophela kulesizini. Sizofika nesikhathi sokuthi kuhlalwe phansi kudingidwe udaba lwenkontileka, sizobona lapho,” kubeka uRiveiro ekhuluma noRobert Marawa kuRadio 947.
URiveiro uthi babheke ukwenza kangcono kumqhudelwano weCAF Champions League ozoqala ngomhlaka 26 kuNovemba.
“Isikhathi samanje esokuthi sibumbane nabalandeli, sijabule ngoba sikujulukele ukuba kulesimo. Sinemidlalo eyisikhombisa kuphela kwiligi, neChampions League izoqala maduze, sifuna ukushaya into ecokeme kulomqhudelwano ngoba sizodlala namaqembu asezingeni eliphezulu.
“Kufanele singakucabangi okuseceleni, sigxile kulesimo esibhekene naso. Ibhola angeke uliqonde kodwa sizofika isikhathi sokuthi sidingide ngekusasa lami,” kusho uRiveiro.