Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usekhombe okumenze wavala isikhala sikaMihlali Mayambela ngoDevin Titus esikwatini.
UTitus ubeyingxenye yeBafana eqale ukujima eDobsonville Stadium, ngoMsombuluko.
IBafana imatasa ngamalungiselelo emidlalo emibili yokuhlungela i-AFCON 2025 abazoyidlala ne-Uganda neSouth Sudan kulenyanga.
UTitus, ongomunye wabadlali abebehluzwa njalo esikwatini esiwujuqu, usefomini enhle kulesizini njengoba eseshaye amagoli amathathu, waba ngumvusi wenyamazane kwamabili.
“Siphoqelekile ukwenza ushintsho ngoba uMayambela ulimele. Indawo yakhe ithathwe uDevin Titus. Angimboni omunye umdlali obengavala isikhala sikaMayambela njengoba elimele, ibhola likaDevin liyazikhulumela.
“UDevin uyiqale kahle isizini. Uyalishaya igoli, uyashesha ezinyaweni futhi uyakwazi nokujika isitha. Ungumdlali oyingozi, akukho okubi ongakukhuluma ngoDevin Titus,” kusho uBroos ekhuluma esithangamini nabezindaba eDobsonville Stadium, ngoMsombuluko.
“Ngikholwa ukuthi uzosiza kakhulu ngoba ngiyamdinga. UDevin unebhola elihlukile, uyakwazi ukuqhelisa isitha ngomjiko, ashaye negoli. Uzosiza kakhulu uma esedingeka,” kusho uBroos.
IBafana izofinyelela kwi-AFCON 2025 uma ibuya namaphuzu amathathu kwi-Uganda abazobhekana nayo ekuhambeni ngoLwesihlanu. EzikaBroos zizovala ngeSouth Sudan abazoyamukela eDHL Stadium, eKapa, ngoLwesibili.
“Siyakuqonda ukubaluleka kwemidlalo emibili esilindile. Lemidlalo emibili izoshayela isipikili sokugcina kweyokuhlunga.
“Kungaba yihlazo ukushweba indawo kowe-AFCON. Ngibuka ngoba yithina esiphethe umklomelo wethusi futhi namaqembu esiqhathwe nawo eqoqweni awathusi kangako. Sidinga amaphuzu amathathu noma amabili,” kubeka uBroos.