Unozinti ogila izimanga kwiStellenbosch FC uSage Stephens uhleka yedwa ngokunikezwa ithuba esikwatini seBafana Bafana eseneminyaka engu-33.

UStephens usethubeni lokunikezwa ijezi njengoba iBafana imatasa ngamalungiselelo emidlalo emibili yokuhlungela i-AFCON 2025 abazoyidlala ne-Uganda eKampala ngoLwesihlanu, kulandele oweSouth Sudan ozobanjelwa eDHL Stadium, ngoLwesibili.

“Ngithathe igxathu eliya phambili ngokubizwa esikwatini. Kufanele ngibuye nezifundo ekhempini,” kusho uStephens ekhuluma esithangamini nabezindaba eDobsonville Stadium, ngoMsombuluko.

UStephens uvuma umqansa abhekene nawo wokuhlwitha ijezi kuRonwen Williams oyisethenjwa.

Lonozinti, ongene esikhaleni sikaRicardo Goss olimele, uzobangisana noSipho Chaine ezintini.

“Umqeqeshi uHugo uyena ozophuma nesinqumo esiwujuqu ngesikimu. URonwen uyisethenjwa, nalokho kumfanele.

“Liyabonakala izinga likaWilliams ejimini, ngimethulela isigqoko. Ngizodlala indima ekhempini, ngizolibamba ngezandla zombili ithuba uma ngilinikezwa eKapa noma ngolunye usuku,” kubeka uStephens.

UStephens wathola ithuba okokuqala esigabeni sePSL esadlalela iMoroka Swallows ngo-2015, kudlalwa khona eDobsonville Stadium. Lonozinti uthi ukubamba ikhempu yokuqala neBafana eDobsonville kumbuyisela izinsuku zakudala.

“Ukubizwa esikwatini kungibuyisele kukenkundla (Dobsonville) lapho engaqala khona ukudlala. Ukuqondana kwezinto kuyamangaza ngempela. Ngifika esikwatini okokuqala ngqa futhi sizokhempa enkundleni engaqala kuyo ukudlala ngisagijima kwiSwallows.

“Ngizizwa ngibusisekile ngethuba lokubizelwa esikwatini. Ngahluleka ukuzibamba ngesikhathi ngibona igama lami esikwatini esiwujuqu. Izinyembezi zazehlela, kuyisipesheli okwenzekile,” kuchaza uStephens.