Omunye wabaqeqeshi ababambile kwiKaizer Chiefs uCedric Kaze usexwayise abadlali ukuthi ukunqoba imidlalo emine kulandelana akusho ukuthi sekufanele ‘baphole’, kunalokho ufuna ukubabona beqhubeka nomgqigqo abakuwo.
UKaze ubeke kanje ngemuva kokubuka iChiefs ishaya iTS Galaxy ngo 2-0 koweBetway Premiership izolo ntambama eFNB Stadium.
Igoli lokuqala leChiefs livalelwe wuFlavio Silva esiwombeni sokuqala, elesibili lakorwa wuGlody Lilepo esiwombeni sesibli ngemuva kwekhefu elidalwa ukucima kwama-lights enkundleni.
Lo mphumela uqinise indawo yaMakhosi kunombolo 3 njengoba eseshiya AmaZulu FC akunombolo 4 ngamaphuzu amathathu futhi anemidlalo emibili esandleni.
“Kufanele siqhubeke nokufaka ingcindezi kuwo wonke umuntu. Kufanele sigcine izinga kwi-training, sikwazi futhi nokuphumuza kahle abadlali ngemuva kwemidlalo. Simile ekutheni akufanele siphole,” kusho uKaze ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wayizolo.
“Kufanele senze kangcono nsuku zonke, sizinikile kwi-trainingi, iyonanto ezosenza sigcine umgqigqo esikuwo.”
IChiefs izobhekana neMagesi FC ngoLwesithathu, bese itholana phezulu nePolokwane City ngoMgqibelo ntambama. Abalandeli abaningi sebewulinde ngabomvu umdlalo weChiefs ne-Orlando Pirates ozolandela ngo 26 April.