Umdlali wasesiswini kwi-Orlando Pirates uThalente Mbatha uthi noma belahle amaphuzu emdlalweni odlule, abalilahlile ithemba embangweni wesicoco seBetway Premiership.
UMbath uveze lokhu engxoxweni ne-Orlando Pirates TV ngemuva komdlalo wabo neRichards Bay FC ngoLwesihlanu odlule, owaphela zibambene ngo 2-2, nakhona kwasala kancane ukuthi Ezimnyama zibuyele eGoli nesibhaxu.
Ngenxa yalo mphumela, iMamelodi Sundowns esesicongweni isinethuba lokushiya iBucs ngamaphuzu amane uma inqoba umdlalo wayo osesandleni.
UMbatha uthi akuphelile nokho.
“Ngakolwethu uhlangothi, sisasembangweni wesicoco seligi,” kusho yena.
“Kufanele siqhubeke sidlale ngendlela yethu, ngoba kufanele sibhekana nomdlalo ngamunye, singacabangi kakhulu.
“Njengamanje sisemjahweni wethu.”
IPirates izobhekana naMaZulu FC ngoMgqibelo eSigodini.