Ukujika kwezinto kwiKaizer Chiefs njengoba isinqobe imidlalo emihlanu kulandelana sekubuyise imibuzo ngesinqumo okufanelwe sithathwe abaphathi beqembu ngabaqeqeshi abambile uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze.

Ngicabanga ukuthi sekucacela abaningi manje ukuthi Amakhosi abukeka ezoqeda okungenani kunombolo 3 kwiBetway Premiership kule sizini njengoba eseshiya AmaZulu FC ngamaphuzu ayisithupha, kanti asanomdlalo esandleni.

Ngaphambi kokunqoba imidlalo emihlanu kulandelana kwiligi, iChiefs ibishaywe izikhawu ezintathu kulandelana kweyeligi, okwenza abanye bazibuze baziphendule ukuthi kaze ngabe ikuphi ukube yakwazi ukuqoqa amaphuzu kweminye yaleyo mdlalo. Kuba kubi kakhulu uma usubuka ukuthi Amakhosi ayesadliwe kanye kwiligi ngaphambi kokushaywa kathathu kulandelana kulo nyaka.

Nokho noma ingaba sendaweni engcono iChiefs, abalandeli bayo akufanele bakhohlwe wukuthi yaqeda kunombolo bani ngesizini edlule. Phela isizini ka-2024/25 yahlengwa ukunqoba iNedbank Cup, okwavula umnyango wokuthi Amakhosi ayodlala kwiCAF Confederation Cup, agcina ephume esigabeni samaqoqo.

Ngake ngabeka umbono ngithi iChiefs isinabadlali abasezingeni, ishoda ngomqeqeshi onamava; ngisamile kulowo mbono, noma abaqeqeshi ababambile benza umsebenzi oncomekayo kwiligi uma kuqhathaniswa nesizini edlule.

Ukuqeda kunombolo 3 kuzosho ukuthi iChiefs ibuyela kwiConfederation Cup ngesizini ezayo. Ukubuyela kwayo e-Africa kulandelana kukhombisa ukukhula kweqembu, futhi kuzolinikeza amava azoliqinisa uma lidlala imidlalo yePSL.

Akwanele lokho nokho, manje sekufanele ibheke ukuwunqoba lo mqhudelwano. Ukunqoba lo mqhudelwano kusho lukhulu manje njengoba sekuzofaka uR66 million eqenjini eliwunqobayo.

Kuningi okungenziwa yiChiefs ngaleyo mali ukuze ibheke ukwakha iqembu elizoqhudelana namanye asembangweni wesicoco seligi. Ukufuna ukudlala kwiCAF Champions League angikuboni kuwumqondo ophusile ngoba njengoba sizibonele kule sizini, akunqeni ukuthi uvele ukhishwe ekuseni ungakangeni ngisho esigabeni samaqoqo. Njengamanje Amakhosi awekho ezingeni lokuqhudelana nobhuti abadala kwiCAFCL, kodwa ibheke khona eminyakeni ezayo uma izoqhubeka ngegiya ekulo.

Okubalulekile ukuthi abaphathi bayo bengazitsheli ukuthi iqembu lizosuka ekuqedeni kunombolo 9, bese liyongena sho kwiChampions League ngesizini elandayo.