Umqeqeshi weKaizer Chiefs uKhalil Ben Youssef usencome ubuhlakani bomgadli wabo uFlavio da Silva ‘obehlisele umthwalo’ ngokuvalela igoli lokuqala beshaya iMagesi FC ngo 4-1 koweBetway Premiership izolo.

Bekuyigoli lakhe lesikhombisa kwimidlalo yeligi kule sizini okuyirekhodi elijabulisa abalandeli baMakhosi njengoba afika abaningi bemngabaza kuleli.

Umphumela wayizolo uqinise indawo yeChiefs kunombolo 3 njengoba isishiya AmaZulu FC ngamaphuzu ayisithupha.

“USilva uwuhlobo lomgadli okwazi ukukora kunoma yisiphi isimo ebhokisini,” kusho uBen Youssef ngemuva komdlalo wayizolo.

“Uwumgadli ohlakaniphile, onobuchule ebhokisini futhi osiza iqembu.

“Usevalele amagoli ayisikhombisa futhi nizibonele namhlanje ukuthi uzakhele igoli emakiwe.

“Usisizile ngoba asiwuqalanga kahle umdlalo. Wenza umdlalo walula ngemuva kokuvalela igoli lokuqala.”

Ngaphambi komdlalo wayizolo, uSilva ngathi ubazi ukuthi uzophinde akore elinye igoli njengoba ebeke kanje:

“Ngiyakhuluma nozakwethu ngibatshele ukuthi ngingakwazi ukushaya amagoli amaningi.

“Kodwa angiyena uMessi noma uRonaldo, angikwazi ukujika abadlali abane noma abahlanu bese ngishaye amagoli.”