Day: July 15, 2025

Search

Sekusele kancane abuye uDortley weChiefs

Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs neBafana Bafana uRushwin Dortley usebonge odokotela, umndeni wakhe, kanye nozakwabo ngokumeseka esikhathini esinzima abebhekene naso ngemuva kokulimala edolweni ngoMarch nonyaka.

Read More

Uphenyo ngomcimbi kaLamine Yamal wokugubha usuku lokuzalwa

Uhulumeni waseSpain usuqale uphenyo ngomcimbi obuhlelwe wumdlali weFC Barcelona uLamine Yamal wokugubha usuku lokuzalwa njengoba eseminyaka ewu-18, okuthiwa ubugcwele abakhubazeke ngokuba bafishane (dwarfism) nabesifazane abanamabele amakhulu okusolwa ukuthi abadayisi.

Read More

UKhanye uthi siyadabukisa isimo sikaSaleng

Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola uJunior Khanye uthi siyadabukisa isimo sikaMonnapule Saleng ozodlalela i-Orbit College ngesizini ezayo ngoba sikhombisa ukuthi namanje abadlali abanawo amandla atheni kwiPremier Soccer League.

Read More

UMchunu uyakwamukela ukumiswa kwakhe emsebenzini

Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uSenzo Mchunu uthi uyasamukela futhi uyasihlonipha isinqumo esithathwe wumengameli wezwe ngaye sokumhlabisa ikhefu eliyisipesheli njengoba kuzoqala iKhomishini ezophenya inkohlakalo emaphoyiseni.

Read More

I-EFF iphikisa isinqumo sikaRamaphosa ngoSenzo Mchunu

Iqembu eliphikisayo i-Economic Freedom Fighters lizwakalise ukungenami ngesinqumo sika mengameli  Cyril URamaphosa sokufaka ekhefini eliyisipesheli onguNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uSenzo Mchunu, ithi bekumele asuswe ngokuphelele esikhundleni sakhe, aboshwe.

Read More