Obewumdlali we-Orlando Pirates osesayiniswe yiqembu elidlala kwiSaudi Pro League, uMohau Nkota (20), uthi bekungesona isinqumo esilula ukushiya izwe akhulele kulo kodwa ujabule ngethuba lokuyodlala kwiligi eqine njengeyaseSaudi Arabia.

IPirates ngempelasonto edlule imemezele ukuthi uNkota usejoyine i-Al Ettifaq, eqede kunombolo 7 kwiligi ngesizini edlule. KwiSaudi Pro League uzobhekana namaqembu esingaba kuwo i-Al Nassr edlalelwa wuCristiano Ronaldo, Al Hilal eshubisele amaqembu amaningi kwiFIFA Club World Cup kanye nompetha beligi i-Al Ittihad ephethe oN’golo Kante noKarim Benzema.

Lo mdlali ozalelwe eKimberly ukhulume noMichael Morton, weMike Morton Talks Football ngesikhathi esasekhempini yePirates eSpain.

“Bekungekho lula ukuthi ngithathe lesi sinqumo ngoba ngikhulele lapha [kwiPirates]. Ngifunde okuningi eqenjini. Ngikhethe ukuhamba ngoba ngifuna ukuzwa ukuthi kunjani ukudlala esigabeni esingaphezulu, ngiziveze.”

Lo mdlali uqhube wathi ujabule nangokuzwa ukuthi uwumdlali omncane kunabo bonke kuleli ukuyodlala kwiSaudi Pro League.

“Futhi angizizwa ngingaphansi kwengcindezi yokuthi sekumele ngiyophilela ukusebenza. Ngizoqhubeka ngisebenze ngokuzikhandla, ngiphile impilo Yami, ngiqhubeke nendlela ebengenza ngayo izinto, Ngijabule ngokuya eSaudi.”