Sebezophinde babhekane ngqo e-Algeria umqeqeshi omusha weMC Alger uRulani Mokwena nomqeqeshi CR Belouizdad uSead Ramovic abayinkukhu nempaka.

Izolo ompetha be-Algerian Ligue 1 bamemezele uMokwena njengomqeqeshi omusha weqembu, baqeda ukuqagela ngekusasa lakhe njengoba ebesekhonjwa yonke indawo eNorth Africa.

Ngokwemibiko uMokwena usayine inkontileka yeminyaka emibili. Uthatha izintambo kuKhaled Ben Yahia oqoke ukungahlali ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe yesikhashana.

Ngaphandle kikaMokwena, i-Alger ibe nezingxoxo noManqoba Mngqithi opheka iLamontville Golden Arrows, Patrice Carteron Kanye noLaurențiu Reghecampf. Okukhiphe uMokwena phambili yirekhodi lakhe kwiCAF Champions League njengoba iMC Alger izimisele ngokwenza kahle kulo mqhudelwano ngesizini ezayo.

Leli qembu selinqobe isicoco seligi kabili kulandela a ngemuva kokulinda iminyaka eyishumi, okusho ukuthi uMokwena uzoba ngaphansi kwengcindezi ukuqhubeka nalo mgqigqo.

Khonamanjalo, umqeqeshi angazwani naye uRamovic uqede kunombolo 3 ngesizini edlule naye uzobe engaphansi kwengcindezi yokulwela isicoco seligi ngesizini ezayo.

Ekupheleni kwesizini edlule uMokwena noRamovic baqhubekile nokugudlana uma bekhuluma nabezindaba kuleli, noma bebengasebenzi kwiligi eyodwa.