Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola uJunior Khanye uthi siyadabukisa isimo sikaMonnapule Saleng ozodlalela i-Orbit College ngesizini ezayo ngoba sikhombisa ukuthi namanje abadlali abanawo amandla atheni kwiPremier Soccer League.

UKhanye ubephawula ngoSaleng kwi-iDiski Times ngemuva kokuqinisekiswa kwezindaba zokuthi lo mdlali ubolekwe i-Orbit College ebidlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, ekhuphukele kwiBetway Premiership ngama playoff.

Sekunezinyanga uSaleng nePirates bengaboni ngasolinye ngenkontileka yakhe kwiBucs, esasalelwe yiminyaka emibili, kanye nokuvela kwezindaba zokuthi Ezimnyama zanqaba ukumdayisela elinye iqembu elalimfuna abaningi abakholwa ukuthi yi-Al Ahly.

“Kuyabukisa ukuba wumdlali webhola kwesinye isikhathi ngoba abadlali abanawo amandla,” kusho uKhanye.

“Ungalenzi iphutha, lo mdlali kuningi asekuzuzile ebholeni. Awukwazi ukuziba asekwenzile, noma uma mina ngimqhathanisa nabadlali abafana noNkota ngikholwa wukuthi bangcono kunaye.

“Kodwa ukuthi isingaze imubolekise iPirates, angiboni kuyinto enhle ngoba nginombuzo wokuthi kungani bamsayinisa inkontileka yeminyaka emibili. Engikwaziyo, futhi nabadlali bazongifakazela, ukuvuselela inkontileka yinto esiza iqembu [hhayi umdlali].

“Angikwenzele isibonelo. Uma inkontileka yami iphela ngo-Augustm bazonginikeza incwadi ngo-April bethi angingakhulumi nomuntu. Leyanto isiza bona, futhi awudingi nokuthi usayine.

“Yingakho abadlali kufanele bathole ulwazi olugcwele ngezinkontileka abazisayinayo, basayine into abayaziyo futhi abayifunayo.

“Kodwa njengoba ngishilo, abadlali abanawo amandla. Kubuhlungu. USaleng uyidlalele kahle i-Orlando Pirates, ngisho nami ubesengivale umlomo ngemidlalo ayinqobele iPirates.”