Umdlali waseDR Congo weKaizer Chiefs uGlody Lilepo uthi kuningi abakufunda eNetherlands okuzobasiza uma befuna ukulwela izindebe ngesizini ka-2025/26.

ULilepo ungomunye wabadlali abafike benza umehluko kuMakhosi ngesizini edlule noma efike phakathi nesizini. Njengoba ezoqala isizini ekuqaleni neChiefs kulokhu, lo mdlali ukhulume ngokubaluleka kokuqinisekisa ukuthi bayilungiselela kahle isizini entsha.

“Le midlalo ibalulekile,” kusho uLilepo oneminyaka ewu-27. “Ikakhulukazi ngoba kuseza iToyota Cup ekupheleni kwenyanga.”

Amakhosi azobhekana neqembu laseGhana i-Asante Kotoko ngoJuly 26 eMoses Mabhida Stadium, bakho okuyingxenye yokulungiselela isizini entsha.

“Ngaphandle kokujima, ibhola lidinga okuningi njengokulandela amaqhinga ngendlela efanele. Uma singabamba lokho, sizophumelela.

“Uma sifuna ukulwela izindebe, kufanele siyilungiselele kahle isizini. Akukho okunye. Sihlangene kahle njengeqembu, ngisho nabadlali abasha. Ngizizwe nginokwethemba uma ngibuka okuzayo.”

IKaizer Chiefs namhlanje izobhekana nePEC Zwolle ngo 7 kusihlwa, bese ibhekana neFC Twente ngoLwesithathu ngesikhathi esifanayo. Okwamanje ayikanqobi nowodwa umdlalo eNetherlands, isithole isibhaxu kathathu kulandelana.