Uhulumeni waseSpain usuqale uphenyo ngomcimbi obuhlelwe wumdlali weFC Barcelona uLamine Yamal wokugubha usuku lokuzalwa njengoba eseminyaka ewu-18, okuthiwa ubugcwele abakhubazeke ngokuba bafishane (dwarfism) nabesifazane abanamabele amakhulu okusolwa ukuthi abadayisi.
UYamal ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa ngempelasonto edlule kumcimbi obuhanjelwe ozakwabo beBarcelona okubalwa kubo u-Alejandro Balde noGavi, abangani bakhe kanye namalungu omndeni ngoMgqibelo.
Wonke umuntu obehambele umcimbi bekuthiwe akavumelekile ukushutha izithombe noma ama-video kodwa kokubili kuqale ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto.
Ezithombeni nakuma-video kusheshe kwacaca ukuthi bekukhona ama-dwarf abemenyiwe ukuzonandisa, kanye nabesifazane abawu-12 abanamabele amakhulu abebekhokhelwe ukuthi babe yingxenye yomcimbi.
Izithombe zihambe zaze zafika kwi-Association of People with Adondroplasia and Other Sketeal Dysplasias with Dwarfism (ADEE), ethe izomthathela izinyathelo zomthetho uYamal uma kutholwa ukuthi kukhona imithetho awephulile.
Oyedwa wabebemenyiwe ophila nalesi simo uthe kuyamxaka ukuthi kungani kunomsindo ongaka ngalento ekubeni bona bengakaze bakhalaze ngalutho. Uthe nabo bangabantu abanamalungelo okuzikhethela ukuthi bafuna ukwenzani ngezimpilo zabo, wakucacisa nokuthi abahlukunyezwanga.
“Asizona izinkawu ebeziqashelwe ukuzojabulisa abantu” – kusho yena.
Kuqalwa uphenyo ngoYamal nje, eSpain akukho emthethweni ukudayisa noma ukuthenga ucansi. ESpain ukudayisa ngomzimba kuthathwa njengokushushumbisa umuntu (human trafficking) – ngoba isikhathi esiningi abadayisayo kutholwa ukuthi abantu abasuke bethathwe kwamanye amazwe ngokungemthetho bese beyaphoqwa ukudayisa.