Ngabe uNgezane usethungatha elinye iqembu e-Europe?
Umdlali weFCSB osolwa uSiyabonga Ngezana angase ashiye kuleli qembu laseRomania ngemuva kwe-AFCON noma ekupheleni kwesizini njengoba sekunezimpawu zokubhampelana phakathi kwakhe nabaphathi beqembu.
Umdlali weFCSB osolwa uSiyabonga Ngezana angase ashiye kuleli qembu laseRomania ngemuva kwe-AFCON noma ekupheleni kwesizini njengoba sekunezimpawu zokubhampelana phakathi kwakhe nabaphathi beqembu.
Umengameli weFootball Association yaseCameroon uSamuel Eto’o usolwa ngokushaya ngesithende umgadli uVincent Aboubakar esikwatini sabo se-Africa Cup of Nations ukuze avikele igoli lakhe lamagoli.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi ngeke libaphazamise ikhefu le-Africa Cup of Nations futhi uzoqinisekisa ukuthi ubabuka bonke abadlali bezakhe kulo mqhudelwano ngoba ubayalele ukuthi bazinikele ngokuphelele.
Umdlali weStellenbosch FC okubikwa ukuthi i-Orlando Pirates ibheke ukuvala isikhala sikaMbekezeli Mbokazi ngaye usalelwe yizinyanga kwinkontileka yakhe.
Umdlali weMarumo Gallants oseqenjini leCarling All-Stars elizobhekana ne-Orlando Pirates useveze akubona kuwukhiye ekubuyiseni ifomu yakhe kwiBetway Premiership ngemuva kokuhlukana neZimnyama.
Unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Petersen uthi akasoze akhalaza ngokungangeni esikwatini seBafana Bafana ngoba yinto angakwazi ukuyilawula ngemuva kokusala esikwatini se-Africa Cup of Nations.
Owayengumqeqeshi weBidvest Wits ne-Orlando Pirates uRoger de Sa useveze izwe alibona lizonqoba i-2025 Africa Cup of Nations.
Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uDoctor Khumalo usephikise umbono kaHugo Broos ngeMLS.