Owayengumqeqeshi weBidvest Wits ne-Orlando Pirates uRoger de Sa useveze izwe alibona lizonqoba i-2025 Africa Cup of Nations.
I-AFCON izoqala ngo-21 December eMorocco. Ompetha i-Ivory Coast kulindeleke ukuthi balwele ukuvikela isicoco sabo, kodwa ngeke kube lula njengoba kukhona amanye amazwe abukeka esefomini enhle.
Ekhuluma ngalo mqhudelwano uDe Sa uthe ngokubona kwakhe iBafana Bafana izodlula esigabeni samaqoqo. IBafana iqhathwe ne-Egypt, Zimbambwe ne-Angola kuGroup B.
“Kuhlale kunzima ukubhekana ne-Egypt kodwa manje kungase kube nzima kakhulu njengoba uMo Salah ezofuna ukugcwalisela…kodwa kungenzeka sizothole sisesimeni sokungadingi ukushaya i-Egypt ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo,” kusho uDe Sa.
“Ngibona iBafana isethubeni elihle lokuqeda kwitop 2 bese idlulela kuma quarterfinals. Uma sekudluliwe esigabeni samaqoqo kuba wumqhudelwano womkhumulajezi. Kungenzeka noma yini.”
Ekhuluma ngezwe alibona lizonqoba i-2025 AFCON uDe Sa uthe: “IMorocco izoyiwina. I-Algeria ibukeka iqinile nayo. Ne-Ivory Coast ineqembu eliqinile, ngokunjalo ne-Senegal.”