Umdlali weStellenbosch FC okubikwa ukuthi i-Orlando Pirates ibheke ukuvala isikhala sikaMbekezeli Mbokazi ngaye usalelwe yizinyanga kwinkontileka yakhe.
UThabo Moloisane, okuma reserves eBafana Bafana ezodlala kwi-2025 Africa Cup of Nations, ngoJanuary engakwazi ukusayine isivumelwano sokujoyina elinye iqembu ekupheleni kwesizini njengoba kuzobe sekusele izinyanga eziyisithupha kuphela kwinkontileka yakhe.
IBucs ibheke ukuvala isikhala sikaMbokazi ojoyine iChicago Fire edlala kwiMLS. Noma kusekhona abanye abadlali abayizitobha u-Abdeslam Ouaddou angakhetha kubo iPirates kubikwa ukuthi ibheke ukusivala ngomdlali omusja isikhala sikaMbokazi. Kuzokhumbuleka ukuthi emabhukwini eBucs kusekhona uThabiso Sesane, olimale esengqongqoza kwiBafana Bafana, Thapelo Xoki, no-Olisa Ndah.
Ngasekuqaleni kwale sizini umqeqeshi weStellies uSteve Barker wakuqinisekisa ukuthi lena yisizini yokugcina kaThabo, kodwa waveza ukuthi bafisa ukumgcina.
“Akusona isimo sokuthi usefuna ukuhamba. Engathanda ukuhlala…yinto esisasebenza phezu kwayo. Kodwa ngiyamhlonipha umdlali owaziyo ukuthi kungenzeka ahambe ekupheleni kwesizini kodwa adlale ngendlela adlala ngayo.
“Ngokubona kwami kwakufanele abe yi-defender of the season ngesizini edlule.”
Inkulumo kaBarker yabeka ngokusobala ukuthi kunokungavumelani phakthi kukaMoloisane neStellies ngenkontileka entsha, kwagcina sekuvunyelwene ngokuthi uzohamba uma kuphela isizini.
Ngaphandle kwePirates, iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs nabo bayabalwa kumaqembu abheke ukumsayinisa.