Umdlali weMarumo Gallants oseqenjini leCarling All-Stars elizobhekana ne-Orlando Pirates useveze akubona kuwukhiye ekubuyiseni ifomu yakhe kwiBetway Premiership ngemuva kokuhlukana neZimnyama.

ICarling All-Stars izotholana phezulu nompetha beCarling Cup i-Orlando Pirates namhlanje ngo 3 ntambama eMoses Mabhida Stadium.

Lo mdlali ubukeka ezelwe kabusha kule sizini njengoba engomunye wabadlali abamqoka eqenjini eliphekwa wu-Alexander Lafitte oneminyaka ewu-29.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wanamhlanje uveze akubona kuyisizathu ngokuvuka kwakhe.

“Njengoba wonke umuntu esebonile, ngidlala ku-false 9 (kufoloswa ngaye ebhokisini, kodwa akahlali khona kuphela). Engingakusho nje ukuthi ngikwazi ukungena khaxa kule ndawo ngenxa yamava engiwathole kumaqembu esengike ngadlala kuwo,” kusho uNdlondlo.

“Angikuboni kunzima ukudlala noma yikuphi la umqeqeshi angidinga khona ukuze ngisize iqembu. Indawo engidlala kuyo njengamanje iyangijabulisa ngoba ngiseduze negoli.

“Ngisiza iqembu ngokuvalela amagoli nangokwakha amathuba okukora.”

Lo mdlali uqhube waveza ukuthi kwadingeka ukuthi amukele ukuthi sekuphelile ngendawo yakhe kwi-Orlando Pirates ukuze ezokwazi ukuzama inhlanhla kwenye indawo.

“Uma usufike endaweni la izinto zingasakuhambeli kahle khona, kufanele wamukele ukuthi sekuphelile…ngiyabonga kakhulu kwiMarumo Gallants ngethuba engilinikezwe yiMarumo Gallants ngemuva kokwenzeke kwiPirates.”