Unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Petersen uthi akasoze akhalaza ngokungangeni esikwatini seBafana Bafana ngoba yinto angakwazi ukuyilawula ngemuva kokusala esikwatini se-Africa Cup of Nations.

UPetersen uveze imizwa yakhe ngokusala esikwatini sikaHugo Broos ekhuluma nezintatheli izolo ngaphambi komdlalo weCarling All-Stars ne-Orlando Pirates oseMoses Mabhida Stadium namhlanje ngo 3 ntambama.

Lo mdlali sekunesikhathi engqongqoza eqenjini lesizwe njengoba esefomini enhle kuMakhosi kule sizini, kodwa lutho ukubizwa.

“Ngabe nginokuba muncu ngokungabizwa? Cha. Ekugcineni ngiyafisa ukudlalela iqembu lesizwe, kodwa ngakolwami uhlangothi umsebenzi obaluleke ukudlula eminye ukudlalela iKaizer Chiefs; iyona engiholelayo, ngisebenza khona,” kusho yena.

“Into engikwazi ukuyilawula yindlela engidlala ngayo kwiChiefs. Angikwazi ukulawula izinqumo zikaHugo Broos – umsebenzi wakhe lowo.

“Ukuthi uyangibiza noma akangibizo, angikwazi ukukhalaza. Njengomdlali webhola uyohlale ufuna ukubizwa. Kodwa njengamanje ngigxile ekushayeni into ecokeme eqenjini engilidlalelayo.”