UMcCarthy uthi wahlangana noBerg weSundowns
Owayengumqeqeshi weCape Town City naMaZulu FC kuleli uBenni McCarthy usephumele obala ngokuhlangana nosomaqhinga weMamelodi Sundowns uFlemming Berg, nakhu abakhuluma ngakho…
Owayengumqeqeshi weCape Town City naMaZulu FC kuleli uBenni McCarthy usephumele obala ngokuhlangana nosomaqhinga weMamelodi Sundowns uFlemming Berg, nakhu abakhuluma ngakho…
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ukuhlehliswa komdlalo wabo weBetway Premiership kuzobanikeza isikhathi esanele sokuthi bawulungiselele kahle umdlalo wabo weCAF Champions League ne-Al Ahly ongempelasonto.
Akukho ukungabaza ukuthi ibukeka izelwe kabusha iKaizer Chiefs ngaphansi kukaNasreddine Nabi kule sizini, kodwa kusanento encane ebambezela ezakhe ukuthi ziqine ngendlela efanele.
Amalungu omphakathi alekelela amaZama Zama asemgodini wemayini endala eStilfontein asekhuphule isidumbu soyedwa wawo sesonakele.
Umqeqeshi weFC Barcelona eqale isizini ivutha ingabaselwe kwiLaLiga, uHansi Flick, uthi kunento asadinga ukuyilungisa eqenjini lakhe
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ulibona selibumbeka ngendlela ayifunayo iqembu lakhe elinenebule iSekhukhune United ngo 3-0 koweBetway Premiership, ngoMgqibelo.
Umshayi wezithombe zebhola ohlonishwayo kuleli uPitsi ‘Vino Snap’ Motlou usephumele obala ngokusatshiswa abhekana nakho kulandela ukuthwebula incwadi kaRulani Mokwena ayeyibhalele uKhuliso Mudau kowamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule.
Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ubhoke ngolaka kubadlali, ekhaliswa ukuvuza kweqembu kuma-corner-kick okuyiqhathe nenduku ibhekene neGolden Arrows koweBetway Premiership, ngeSonto.
Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uncome ukusebenza kwamaqhinga ezakhe begojela i-Orlando Pirates ngo 1-0 koweBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngeSonto.