Amalungu omphakathi alekelela amaZama Zama asemgodini wemayini endala eStilfontein asekhuphule isidumbu soyedwa wawo sesonakele.

Isidumbu sikhushulwe kulandela isinqumo senkantolo enkulu eTshwane ngempelasonto sokuthi amaphoyisa angawavimbi amalungu omphakathi nezinhlangano ezizimele ezifisa ukusiza amaZama Zama asemgodini ngokudla, amanzi, nangentambo yokubadonsa.

Ngesikhathi amalungu omphakathi ehlisa ukudla ngentambo, acelwe ukuthi aphinde eyehlese ukuze ezodonsa isidumbu soyedwa wabashonile. Ngokwemibiko engakaqinisekiswa, ngathi kukhona ezinye.

Ngeledlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ubhekane nolaka lwamalungu omphakathi ebuza ukuthi kungani kuhudulwa izinyawo ngodaba lochwepheshe abazosiza ngokukhishwa kwabasemgodini.

Ngesikhathi echaza amalungu omphakathi abenza ukuthi hhayi ngoba evikela abantu abavukuza umhlaba ngokungemthetho kodwa bayabazi ubunzima bokuphuma kule migodi abanye babo. Omunye waveza ukuthi njengoba bengakutholi ukudla namanzi, abanye ngeke babe nawo Amanda okuzikhuphukela baphume.