Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ukuhlehliswa komdlalo wabo weBetway Premiership kuzobanikeza isikhathi esanele sokuthi bawulungiselele kahle umdlalo wabo weCAF Champions League ne-Al Ahly ongempelasonto.
IPSL ihlehlise imidlalo yePirates, Mamelodi Sundowns neStellenbosch FC abadlali kwimiqhudelwano yeCAF kule sizini ukuze bayicijele kahle imdlalo yabo engempelasonto. Ezimnyama zizotholana phezulu ne-Al Ahly ngoMgqibelo ngo-3 ntambama e-Orlando Stadium.
“Sizothola ukuvivinywa ezingeni eluephezulu. Sizosebhekana naleli sonto ngogqozi nokuzimisela ngoba sihlose ukudlala kahle ngoMgqibelo emdlalweni weuthu ne-Al Ahly,” kusho uRiveiro.
“Ukuthola ezinye izinsuku zokuphuma kusinikeza ithuba lokulungiselela umdlalo ngendlela efanele nokuthi akukho esingacasha ngakho. Kufanele sibe sezingeni elidingekayo kwiChampions League ngoMgqibelo, sikwazi ukuphendula imibuzo ye-Al Ahly.”
IPirates iqale ngonyawo oluhle kuGroup C iguqisa iCR Belouizdad ngo 2-1 e-Algeria. I-Al Ahly ngakolunye uhlangothi yavithiza iStade d’Abidjan 4-2 eCairo.