Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ubhoke ngolaka kubadlali, ekhaliswa ukuvuza kweqembu kuma-corner-kick okuyiqhathe nenduku ibhekene neGolden Arrows koweBetway Premiership, ngeSonto.
I-Arrows inqobe ngo 3-2 kulomdlalo obubanjelwe eMpumalanga Stadium, eHammersdale. UThemba Mantshiyane, Ryan Moon noNqubeko Dlamini bazigwazele ibhece, bevalela amagoli ngendlela ecishe ifane kuma-corner-kick.
UTinkler ukhale ngokuthamba akubone kubadlali bakhe uma bebhekene nesimo sokumaka kuma-set plays.
“Sihlulwe ukumaka ama-corner-kick, okuyinto okufanele ngabe ayisinikezi inkinga. Singenelwe amagoli amathathu ngenxa yokuhluleka ukuvimba ama-corner-kick. Kungiphatha kabi ukuthi nomphumela usibalekele ngenxa yokuhlulwa ukuvimba amabhola abegotshiwe.
“Ngicasukile, ukuboza okungenhla engikubone namuhla. Sihlulwe ukumaka kuma-corner-kick, wonke amagoli angena ngenxa yalokho. I-Arrows ibiyingozi uma ithole ama-corner-kick. Kufanele sifike kuqala ebholeni, besithambile kuma-set pieces, angibonanga noyedwa umdlali obenza kangcono,” kusho uTinkler ekhuluma nabezindaba.
ICity ibuye ngamandla ngesiwombe sesibili ivalela amagoli amabili okulinganisa ashaywe uGabriel Amato no-Amadou Soukouna.
UTinkler ubheke ukubona ushintsho kwezakhe emidlalweni elandelayo.
“Ngifuna ukubona abadlali bekhuphula amasokisi. Angeke ugxeke umqeqeshi, kukhona engizokubeka kimi kodwa abadlali yibona abagijima enkundleni.
“Besiyixoxile eyobungozi bezitha kumabhola agobiwe kuma-set pieces. Ngiyazibuza ukuthi abadlali bazihlele kanjani bezama ukuvimba amabhola abegobiwe.
“Sihlalelwe umsebenzi wokulungisa inkinga yokumaka ama-set pieces. Besingabozi maphakathi nenkundla ngoba sikwazile ukulinganisa ekubeni besilandela ngemuva ngamagoli amabili. Inkinga yethu ukumaka ama-corner ngoba amagoli angene ngalokho,” kusho uTinkler.