Umqeqeshi weFC Barcelona eqale isizini ivutha ingabaselwe kwiLaLiga, uHansi Flick, uthi kunento asadinga ukuyilungisa eqenjini lakhe kodwa akafuni ukuzwakala njengomuntu oseqala ukubika izaba.

IBarcelona ilahle amaphuzu ngempelasonto ishaywe yiLas Palmas ngo 2-1 kumdlalo weLaLiga okucasule lo mqeqeshi. Sekudlule imidlalo emithathu ingawini kwiligi iBarca, osekusondeze iReal Madrid embangweni wesicoco.

UFlick uyachaza:

“Siyiqembu eliphethe abadlali abancane ngokweminyaka kunawo wonke amanye kwiligi, kodwa sidinga ukwenza kangcono. Kumele siyeke ukudedela amagoli, sivale emuva ngokubambisana.

“Ngingasho okufanayo noma sihlasela. Kumele sikwenze konke ngokubambisana. Emdlalweni wethu neLas Palmas…kuningi okwenzekile kodwa angifuni ukungxila kakhulu kukho. Kuzozwakala sengathi ngiyabalisa noma ngibika izaba. Besingawina kodwa asiwinanga…besiwuphethe umdlalo kodwa ebholeni into ebalulekile amagoli. Sikore isibalo esiphansi samagoli emdlalweni edlule.”

IBarcelona izothola ithuba lokuqoqa amaphuzu namhlanje emdlalweni wayo neMallorca ngo-8 ebusuku.