Owayengumqeqeshi weCape Town City naMaZulu FC kuleli uBenni McCarthy usephumele obala ngokuhlangana nosomaqhinga weMamelodi Sundowns uFlemming Berg, nakhu abakhuluma ngakho…

UBenni kuyaziwa ukuthi uthungatha umsebenzi wokuqeqesha kulandela ukuhlukana neMan United ekupheleni kwesizini edlule.

Bekunezinsolo zokuthi angase avumbuke kwiSundowns njengoba leli qembu lihlukane noRulani Mokwena, kodwa lagcina liqoke ukunikeza uManqoba Mngqithi izintambo.

UMcCarthy uthi wahlangana noBerg beziphambanela esikhumulweni sezindiza ngephutha eLondon.

“Nganginohambo ngiyoqhubeka netifiketi zami zokuqeqesha kwadingeka ngiye eWales, ngadlula eLondon. Sahlangana esikhumulweni sezindiza. Sazikhulumela nje into engatheni. Asikhulumanga ngesikhala esivulekile kwiSundowns, asisondelanga nokusondela kuleso sihloko futhi angifikelwanga umuzwa wokuthi singase sikhulume ngakho.

“Sasizikhulumela nje, ngicabanga ukuthi base benqumile ukuthi bazoqhubeka nabaqeqeshi abakhona. Babengeke bashintshe umqondo ngoba nakhu sengishiyile kwelinye iqembu futhi nami akusho ukuthi ngangizowuthatha umsebenzi,” kuchaza uBenni ekhuluma nabezindaba.

“Ngifuna umsebenzi ozongiphonsela inselelo…angifuni ukuthatha noma yimumphi umsebenzi ngoba nakhu ngifuna ukuqeqesha.”