ObewuSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula ugcine ezinikelile emaphoyiseni ngoLwesine ekuseni ngemuva kokusula esikhundleni sakhe ngoLwesithathu. Kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi ePitoli namuhla.

UNkk Mapisa-Nqakula usolwa ngokwamukela intshontsho komunye wosonkontileka owayethola amathenda eMnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esanguNgqongqoshe kulo mnyango.

Sekudlule amasonto uphiko lwezokushushisa kuleli luzama ukumnxenxa ukuthi azinikele emaphoyiseni ukuze ezovela enkantolo abhekane nasolwa ngakho.

UMapisa-Nqakula uzame ukucasha ngesithupha egijimela enkantolo enkulu ePitolo ukuzama ukunqanda ukuboshwa kwakhe kodwa wangaphumelela.

Izolo ugcine eqoke ukusula esikhundleni sakhe ephalamende nakwi-ANC ukuze ezobhekana nasolwa ngakho enkantolo.

Ngenyanga edlule amaHawks anikele kwakhe eyobheka ubufakazi obuthinta icala abhekene nalo.