Inkantolo eNkulu ePitoli isichithile isicelo esiphuthumayo sikaSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula sokunqanda ukuboshwa kwakhe ecaleni lenkohlakalo.
UMapisa-Nqakula ubhekene nophenyo oluthinta izinsolo zenkohlakalo kusukela esengungqongqoshe wezokuvikela phakathi kuka-2016 no-2019. Kusolwa ukuthi wathola imali engaphezulu kuka-R2.5 million kusonkontileka.
Ngesikhathi lethula isinqumo ijaji, uSulet Potterill, liveze ukuthi ukuboshwa ukusho ukuthi umuntu usegwetshiwe futhi abashushisi bese bekuvezile ukuthi ngeke siphikiswe isicelo sika-Mapisa Nqakula sebheyili ngakho akaqondi ukuthi kungani lolu daba lufakwe njengoluphuthumayo enkantolo.
“Ukuboshwa yindlela yokuthi umsolwa avele phambi kwenkantolo…ofake isicelo naye uyakuveza ukuthi umbuso ngeke usiphikise isicelo sebheyili, okubeka ngokusobala ukuthi ubengeke agqunywe ejele. Ukuboshwa ngaphandle kokuvalelwa ejele akulona udaba oluphuthumayo.”
Kulindeleke ukuthi kuphele leli sonto sezimkhalele uMapisa-Nqakula. Khonamanjalo, iDemocratic Alliance ifuna akhishwe esikhundleni sakhe ePhalamende uMapisa-Nqakula ngenxa yamacala abhekene nawo.